
Umfundi Odabuka Ezweni Elingaphandle Kwaleli Uthweswe Iziqu Edlubhe Imvunulo
Click here for English version
UNksz Sebongile Tshabalala uqhakambise isiko lakhe ngesikhathi eya esiteji eyidlubhe iphelele imvunulo yakhe yaBasotho ukuyokwamukela iziqu zakhe ze-Onazi kwezeSayensi yeNhlalakahle neNqubomgomo yoMphakathi, (i-Bachelor of Social Science Honours degree in Public Policy.)
UTshabalala ugiye waqephuza ebheke esiteji ngesikhathi kunomcimbi wokwethwesa iziqu ngaphansi kwekolishi lezeSintu, ekhombisa izethameli kanye nabanye abafundi umdanso wesiko lakhe, okuthokozelwe ngenhlokomo kanye nehlombe.
UTshabalala, ongowokudabuka eLesotho, uthe bekubalulekile kuye ukuthi abe yingxenye yomcimbi wokwethweswa iziqu evunule waphelela. Ukufunda e-UKZN bekuyiphupho lakhe esayingane kanti ubefuna ukumela izwe lakubo ngesikhathi kunalo mcimbi okhethekile.
Unqume ukuqhubeka nezifundo zakhe ukuhlonipha isikhumbuzo sikaninakhulu owashona ngowezi-2021 kanti futhi uhambo lwakhe belungelula njengoba ebhekane nezinkinga ezithinta yena ngqo ngesikhathi esaqala ukufunda kodwa ekugcineni ukwazile ukuzinqoba ngenxa yokuzimisela kanye nokubekezela.
‘Manje ngoba sengizitholile iziqu zami ze-onazi, ngihlela ukwenza iziqu zemastazi bese ngiya ngaphandle emhlabeni wokusebenza. Ngizokwenza iziqu zeMastazi kwiNqubomgomo yoMphakathi ngoba ngizibona ngingumhlaziyi wezinqubomgomo futhi ngiba isifundiswa - Ngifuna ukuba uSolwazi futhi ngimele izwe lami,’ kusho uTshabalala.
Imicimbi yokwethwesa iziqu yase-UKZN iyisikhathi okungesiso esokubungaza impumelelo yezemfundo kuphela kodwa iyinkundla lapho amasiko ahlukene akhona esikhungweni eqhakanjiswa. Isigejana sabafundi abaqhamuka emazweni angaphandle athweswe iziqu kule micimbi yokwethweswa iziqu yakamuva, abanye bebephethe ngokuziqhenya amafulegi asemazweni abo ngesikhathi begibela esteji.
Umbhalo: nguSinenhlanhla Mkhwanazi
Isithombe: Sethu Dlamini